U Umm Sulaym bint Milhan r.a
Amagama akhe
Kunokwehluka kwemibono yosomlando mayelana negama lakhe. Osomlando babhale amagama ahlukene amahlanu: Sahlah, Ramlah,Mulaikah, Ghumaisah kanye no Rumaisah.
Umendo
U Hazrat Umm Sulaym [RA] wayegcagcele ku Malik ibn Nadr. U Hazrat Ans [RA] owayewuhlaka luka Nabi [SAW] wazalwa kulomendo. Ngomphumela wokwamukela kwakhe i Islam, u Malik ibn Nadr wabe esewushiya lomendo waze walishiya elengabade engayamukelanga i Islam.
Ngemuva kwalokho, u Hazrat Abu Talha [RA] wacela iubuhlobo obuhle kuye noma naye wayengakayemukeli i Islam. U Hazrat Umm Sulaym [R] wasenqaba lesi sicelo kodwa wamumemela kwi Islam. Wathi uma eyamukela i Islam, wabe esethi kuye, ‘’ Ngizokugana, kepha angizuyamukela i Mahr evela kuwe kwazise ukwamukela kwakho i Islam kuzoba yi Mahr kumina.’’ Wabe usuhlanganiswa ngokusemthethweni umshado wabo. Baningi abantu ababike ama Hadith bewathatha ku Umm Sulaym [RA].
U Hazrat Jabir [RA] uyabika ukuthi u Rasulullah SAW wathi ‘’ Ngaboniswa i Jannah, kanti phakathi kuyo ngabona unkosikazi ka Abu Talha [RA], u Hazrat Umm Sulaym [RA] ngabuye ngezwa izigi ngaphambi kwami, nokwakuyizigi zika Hazrat Bilal [RA]
