Tel: 031 577 7868 - disc@darulihsan.com               google play icon        twitter web      

Umm Sulaym bint Milhan (R)

Ubuhle boMndeni oMsulwa nBalandeli baka Nabi SAW

U Umm Sulaym bint Milhan r.a

Amagama akhe

Kunokwehluka kwemibono yosomlando mayelana negama lakhe. Osomlando babhale amagama ahlukene amahlanu: Sahlah, Ramlah,Mulaikah, Ghumaisah kanye no Rumaisah.

Umendo

U Hazrat Umm Sulaym [RA] wayegcagcele ku Malik ibn Nadr. U Hazrat Ans [RA] owayewuhlaka luka Nabi [SAW] wazalwa kulomendo. Ngomphumela wokwamukela kwakhe i Islam, u Malik ibn Nadr wabe esewushiya lomendo waze walishiya elengabade engayamukelanga i Islam.

Ngemuva kwalokho, u Hazrat Abu Talha [RA] wacela iubuhlobo obuhle kuye noma naye wayengakayemukeli i Islam. U Hazrat Umm Sulaym [R] wasenqaba lesi sicelo kodwa wamumemela kwi Islam. Wathi uma eyamukela i Islam, wabe esethi kuye, ‘’ Ngizokugana, kepha angizuyamukela i Mahr evela kuwe kwazise ukwamukela kwakho i Islam kuzoba yi Mahr kumina.’’ Wabe usuhlanganiswa ngokusemthethweni umshado wabo. Baningi abantu ababike ama Hadith bewathatha ku Umm Sulaym [RA].

U Hazrat Jabir [RA] uyabika ukuthi u Rasulullah SAW wathi ‘’ Ngaboniswa i Jannah, kanti phakathi kuyo ngabona unkosikazi ka Abu Talha [RA], u Hazrat Umm Sulaym [RA] ngabuye ngezwa izigi ngaphambi kwami, nokwakuyizigi zika Hazrat Bilal [RA]

Login to post comments

Nisab

14/12/2025 08:00

- Mahr Fathimi: R51 484
- Minimum Mahr: R1 030
- Zakaat Nisab: R20 594
Price/g rate: GoldPriceZ

Contact Us

70 Joyce Road
Durban
Tel: 031 577 786 8
disc@darulihsan.com