U Nabi SAW wayevamise ukufundisa ngaso i Istikharah kuma Sahaba r a, njengezingane uma zifundiswa i Qur’an. Kuyabikwa kwi Hadith ukuthi, ‘’ Lowo owenza i Istikharah akasoze aphazama, kanti nalowo owenza i Mashwarah [ ukubika udaba ebandleni ] akasoze azisola.
Indlela yokuyenza : Yenza ama Rakat amabili e Naf Salah ye Istikharah. Ekuphothuleni i Salah, funda le Du’ah elandelayo:
Ukuhumusheka: O Allah, ngiyakunxusa ngesiqinisekiso okuhle ngoLwazi lwaKho, ngicele ikhono ngaMandla aKho, ngibuye ngikunxuse ngeziBusiso zaKho. Kwazise noma kanjani Unawo wonke Amandla, kanti mina anginalutho. Wazi konke kanti mina angazi lutho. UnguMazi omkhulu wakho konke okungabonwayo. O Allah, uma oLwazini lwaKho, loludaba luluhle okholweni [ i Deen ] yami, nokuphila kwami, Kanye nomphumela wezindaba zami, ngicela ungikhethele kona, ungenzele kona kube lula, bese ungibusisa name kuko. Kepha uma oLwazini lwaKho, loludaba lungeluhle okholweni [ i Deen ] lwami, nasekuphileni kwami, Kanye nomphumela wezindaba zami, ngicela ukuqhelisele kude name, name ungigudluzele kude nako, bese ungikhethela okuhle noma kuphi noma kuphi lapho kukhona, ungenze ngeneliseke yiko.
Ngesikhathi owenza le Du’ah efika lapho kuthiwa ‘ hadhal amr ‘ [ loludaba ] , kuzo zozimbili izigaba kumele ajule ngaloludaba.
Olunye uhlobo olufisha lwe Istikharah wukuthi umuntu afunde le Du’ah ‘’ Allahumma Khir Li Wakhtar Li ‘’ izikhathi ezili 11 andise phezu kwalokho okungenhla kumbe uma efuna ukuthatha isinqumo ngokukhulu ukushesha.
